GBV REPORTING
UKUBIKA UDLAME LWANGOKOBULILI
Did you know? / Bewazi ukuthi?
You may be worried about reporting because you don’t know what will happen. Let us take you through the process.
Kungenzeka ukhathazeke ngokubika ngoba ungazi ukuthi kuzokwenzekani. Asikuchazele ngenqubo elandelwayo.
What can I expect when I make a report about GBV to RMS? / Yini Ongayilindela Uma Ubika Udlame Lwangokobulili kwa-RMS?
- 1. A Risk Management Services (RMS) staff member at the front desk will take your statement.
- 1. Ongumsebenzi wakwa-RMS ose-front desk uzothatha isitatimende sakho.
- 2. You can request to talk to a gender-based violence (GBV) Support Officer if that would make you more comfortable. The front desk person will then contact a GBV Support Officer who will come talk to you.
- 2. Ungacela ukukhuluma noMphathi Wokweseka Izisulu ze-GBV uma lokho kungakwenza uzizwe ukhululekile. Umuntu ose-front desk uzoxhumana noMphathi Wokweseka Izisulu ukuze eze ezokhuluma nawe.
- 3. Our GBV Support Officers understand how difficult it can be to talk about GBV and are there to support you.
- 3. Abaphathi bokweseka Izisulu bayazi ukuthi kunzima ukukhuluma ngodlame lobulili futhi bakhona ukuze bakweseke.
- 4. Your case will then be handed over to a GBV Investigating Officer who will get in direct contact with you.
- 4. Icala lakho lizodluliselwa kuMphathi Wophenyo lwe-GBV ozoxhumana nawe ngqo.
I am worried other people will overhear about my personal issues if I go to RMS. / Ngikhathazekile ukuthi abanye abantu bazozwa ngezinkinga zami uma ngiya kwabakwa-RMS. ?
We have already thought of that. We have private rooms at all our RMS offices that we use specifically for GBV cases so that you have a place where you can be comfortable and speak to us in private.
Sesikucabangile lokho. Sinezindawo ezizimele emahhovisi ethu e-RMS esizisebenzisela amacala e-GBV kuphela ukuze ube nendawo lapho uzizwa ukhululekile futhi ukwazi ukukhuluma nathi ngokuyimfihlo.
I am worried that other people will find out about my private information. / Ngikhathazekile ukuthi abanye abantu bazothola imininingwane yami yangasese. ?
We have very experienced and knowledgeable Investigating Officers who only work on GBV cases. This means your case will be treated with the utmost confidentiality and only be handled by these GBV Investigating Officers and not by any other staff.
Sinezikhulu Zophenyo lwe-GBV ezinolwazi olunzulu namava, ezisebenza ngamacala e-GBV kuphela. Lokhu kusho ukuthi icala lakho lizophathwa ngokuyimfihlo futhi lizobhekwa kuphela yilezi zikhulu, hhayi omunye umuntu osebenzela i-RMS.
What if I don’t want to go ahead with a pressing case? / Kwenzekani uma ngingafuni ukuqhubeka necala? ?
You will not be forced to do anything you don’t want to. We are here to listen to you and see how best we can support you.
Awusoze uphoqwe ukwenza into ongayifuni. Sikhona lapha ukuze sikulalele futhi sibheke ukuthi singakusiza kanjani ngendlela engcono kakhulu.